IZINHLAMVU ZEMPI ZESITHUNYWA SEVANGELI
“Lapho wawungaphansi komkhiwane, ngakubona.”
NgokukaJohane 1:48
Sicabanga ukuthi siyolunga uma kuvela isimo esikhulu esibucayi; kodwa leso simo siyoveza kuphela lokho esakhiwe ngakho, ngeke sifake lutho kithi. "Uma uNkulunkulu engibiza, nakanjani ngiyosukumela leso simo." Ngeke ukwenze ngaphandle kokuba ubulokhu usukumela izimo endaweni yokusebenzela, ngaphandle kokuba ubulokhu uqotho phambi kukaNkulunkulu lapho. Uma ungenzi into eseduze nawe, leyo uNkulunkulu ayihlele; lapho kufika isimo esibucayi esikhundleni sokuba uvezwe ufanele, uyovezwa ungafanele. Izimo ezibucayi zihlale zembula isimilo.
Ubudlelwane bangasese bokukhonza uNkulunkulu buyisisekelo esikhulu sokulungela. Kufika isikhathi lapho kungasenakwenzeka ukuphila "ngaphansi komkhiwane", lapho usuphumela obala, ekukhanyeni okubenyezelayo nasemsebenzini, futhi uyozithola ungelusizo lapho uma ubungakhonzi lapho ithuba likuvumela ekhaya lakho. Khonza uNkulunkulu ngendlela efanele ebudlelwaneni bakho bangasese, khona-ke lapho uNkulunkulu ekukhulula uyobe usulungile, ngoba ekuphileni okungabonwa muntu ngaphandle kukaNkulunkulu usube umuntu ofanele ngokuphelele, futhi lapho kufika ingcindezi uNkulunkulu angathembela kuwe.
"Ngeke kulindeleke ukuba ngiphile ukuphila okungcwelisiwe ezimweni engikuzo; anginasikhathi sokuthandaza manje, anginasikhathi sokufunda iBhayibheli, ithuba lami alikafiki; lapho lifika, nakanjani ngiyobe ngilungile." Cha, ngeke ulunge. Uma ubungakhonzi lapho ithuba likuvumela, lapho uqala umsebenzi ngeke ube nje ongenalusizo, kodwa uyoba yisithiyo esikhulu kulabo osebenza nabo.
Indawo yokusebenzela izinhlamvu zempi zesithunywa sevangeli iwukuphila kongcwele okufihlekile, komuntu siqu, kokukhonza uNkulunkulu.