OKWENGEZIWE NGEZINDLELA ZAKHE
“Lapho uJesu eseqedile ukuyala abafundi baKhe, wasuka lapho ukuze afundise futhi ashumayele emizini yabo.”
NgokukaMathewu 11:1
Uza lapho asiyala ukuba sisuke khona.
Uma lapho uNkulunkulu ethi "Hamba," wahlala ngoba wawukhathazeke kakhulu ngabantu bakini ekhaya, wabaphuca ukufundisa nokushumayela kukaJesu Kristu uqobo. Lapho ulalela futhi ushiya yonke imiphumela kuNkulunkulu, iNkosi yangena emzini wakho ukuze ifundise; phakathi naso sonke isikhathi ungalaleli, wawuvimbe indlela. Qaphela lapho uqala ukuphikisana khona nokubeka lokho okubiza ngokuthi isibopho kuqhudelane nemiyalo yeNkosi yakho. "Ngiyazi ukuthi Yena wangitshela ukuba ngihambe, kodwa isibopho sami sasikhona lapha;" lokho kusho ukuthi awukholwa ukuthi uJesu usho lokho akushoyo.
Ufundisa lapho asiyala ukuba singafundisi khona.
"Mfundisi, . . . masakhe amadokodo amathathu."
Ingabe sidlala indima yabantu abazibeka esikhundleni sokunakekela kukaNkulunkulu ezimpilweni zabanye? Ingabe sibanga umsindo omkhulu kangaka lapho sifundisa abanye kuze uNkulunkulu angakwazi nhlobo ukusondela kubo? Kumelwe sivale imilomo yethu futhi sigcine imimoya yethu iqaphile. UNkulunkulu ufuna ukusifundisa ngokuphathelene neNdodana yaKhe, ufuna ukuguqula izikhathi zethu zomthandazo zibe yizintaba zokuguqulwa isimo, kodwa thina asimvumeli. Lapho siqiniseka ngendlela uNkulunkulu azosebenza ngayo, ngeke aphinde asebenze ngaleyo ndlela.
Usebenza lapho asithuma ukuba silinde khona.
"Lindani . . . kuze kube . . ." Lindela uNkulunkulu khona Yena uzosebenza, kodwa ungalindi uthukuthele ngokukamoya ngoba awuboni ngisho nebanga eliyintshi phambi kwakho! Ingabe sesizihlukanise ngokwanele nokuxokozela kwethu kukamoya ukuba silindele uNkulunkulu? Ukulinda akukhona ukuhlala usonge izandla, kodwa ukufunda ukwenza lokho esikutshelwayo.
Lezi yizigaba zezindlela zaKhe esingavamile ukuziqaphela.