KWENZE MANJE
“Vumelana ngokushesha nommangaleli wakho.”
NgokukaMathewu 5:25
UJesu Kristu ubeka lesi simiso — Yenza lokho owaziyo ukuthi kumelwe ukwenze, manje, futhi ukwenze ngokushesha; uma ungakwenzi, inqubo engenakugwemeka iyoqala ukusebenza futhi kuyomelwe ukhokhe indibilishi yokugcina ngobuhlungu nangobunzima nangokucindezeleka. Imithetho kaNkulunkulu ayinakuguqulwa; akukho ukuyibalekela. Imfundiso kaJesu iya ngqo endleleni esakhiwe ngayo.
Ukuqinisekisa ukuthi ummangaleli wami unginika amalungelo ami kungokwemvelo; kodwa uJesu uthi kubalulekile kimi ngendlela yaphakade nephoqayo ukuba ngikhokhele ummangaleli wami lokho engimkweleta khona. Ngokombono weNkosi yethu akunandaba ukuthi ngiyaphucwa yini noma cha; okubalulekile ukuthi mina ngingaphuci. Ingabe ngigcizelela amalungelo ami, noma ngikhokha engikweletayo ngokombono kaJesu Kristu?
Yenza leyo nto ngokushesha, zilethe ekwahlulelweni manje. Ezindabeni zokuziphatha nezomoya, kumelwe ukwenze ngaso leso sikhathi; uma ungakwenzi, inqubo engenakuvinjelwa iyoqala ukusebenza. UNkulunkulu uzimisele ukuba umntwana waKhe abe msulwa futhi ahlanzeke futhi abe mhlophe njengeqhwa eliphephethwa umoya, futhi uma kusekhona ukungalaleli kunoma yiliphi iphuzu lemfundiso yaKhe, ngeke avimbele noma yimuphi umsebenzi woMoya waKhe. Ukugcizelela kwethu ukufakazela ukuthi silungile cishe njalo kuwuphawu lokuthi kube khona iphuzu elithile lokungalaleli. Akumangalisi ukuthi uMoya usinxusa ngamandla kangaka ukuba sihlale siqinile ekukhanyeni!
"Vumelana ngokushesha nommangaleli wakho." Ingabe ngokungazelelwe ujike ekhoneni ebudlelwaneni obuthile wathola ukuthi unenhliziyo enentukuthelo? Kuvume ngokushesha, ukulungise ngokushesha phambi kukaNkulunkulu, ubuyisane nalowo muntu — kwenze manje.