Ukuzindla kwansuku zonke

UNKULUNKULU ONGASOZE AHLULEKA

Ngokuba uthe, Angisoze ngakushiya, noma ngakudela.

KumaHebheru 13:5

Umcabango wami uthatha yiphi indlela? Ingabe uphendukela kulokho uNkulunkulu akushoyo noma kulokho engikwesabayo? Ingabe ngifunda ukungagcini ngokusho lokho uNkulunkulu akushoyo, kodwa ukusho okuthile ngemva kokuba sengikuzwile akushoyo? "Uthe, Angisoze ngakushiya, noma ngakudela. Ukuze sisho ngesibindi sithi, INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba lokho umuntu angakwenza kimi."

"Angisoze ngakudumaza nakancane" — naphezu kwaso sonke isono sami nobugovu nenkani nokuphambuka. Ingabe ngimvumele ngempela uNkulunkulu ukuba athi kimi akasoze angidumaza? Uma ngikulalele lokhu okushiwo uNkulunkulu, mangiphinde ngikulalele.

"Futhi angisoze nakancane ngakudela." Ngezinye izikhathi akubona ubunzima obungenza ngicabange ukuthi uNkulunkulu uzongidela, kodwa ngumsebenzi okhandlayo oyisidina. Ayikho iNtaba yoBunzima okumelwe ngiyikhuphuke, akukho mbono engiwunikiwe, akukho okumangalisayo noma okuhle, kukhona nje izinto ezivamile usuku nosuku — ngingakuzwa yini lokho uNkulunkulu akushoyo kulezi zinto?

Sinomqondo wokuthi uNkulunkulu uzokwenza into ethile engavamile, ukuthi uyasilungiselela futhi usenza sikulungele okuthile okungaphezu kokuvamile esikhathini esizayo, kodwa lapho siqhubeka emuseni sithola ukuthi uNkulunkulu uyazikhazimulisa lapha namanje, kulo mzuzu wamanje. Uma ukusho kukaNkulunkulu kungemuva kwethu, kufika amandla amangalisa kakhulu, futhi sifunda ukuhlabelela ezinsukwini nasezindleleni ezivamile.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa