MANJE LOKHU KUYAKUCHAZA
“Ukuze bonke babe munye; njengoba Wena, Baba, ukimi, nami ngikuwe, ukuze nabo babe munye kithi.”
NgokukaJohane 17:21
Uma uhamba endleleni yesizungu, funda NgokukaJohane 17, iyokuchaza ngokunembile ukuthi kungani ulapho ukhona — uJesu uthandazile ukuba ube munye noBaba njengoba Yena emunye naYe. Ingabe uyamsiza uNkulunkulu aphendule lowo mthandazo, noma unenhloso ehlukile ngokuphila kwakho? Selokhu waba ngumfundi awusakwazi ukuzimela njengakuqala.
Injongo kaNkulunkulu akukhona ukuphendula imikhuleko yethu, kodwa ngemikhuleko yethu sifinyelela ekuqondeni umqondo kaNkulunkulu, futhi lokhu kwembulwa NgokukaJohane 17. Kunomthandazo owodwa uNkulunkulu okumelwe awuphendule, ngumthandazo kaJesu — "ukuba babe munye, njengoba nathi simunye." Ingabe siseduze kanjalo noJesu Kristu?
UNkulunkulu akakhathazekile ngamacebo ethu; akasho ukuthi — Uyafuna yini ukudlula kulokhu kushonelwa; kulokhu kuphazamiseka? Uvumela lezi zinto ngenxa yenjongo yaKhe. Izinto esidlula kuzo zisenza sibe amadoda nabesifazane abamnene ngokwengeziwe, abangcono, nabahlonipheke ngokwengeziwe; noma zisenza sibe ngabantu abaphikisa kakhulu nabafuna amaphutha, abagcizelela kakhulu indlela yabo. Izinto ezenzekayo zisenza sibe amadimoni, noma zisenze sibe ngabangcwele; kuncike ngokuphelele ebudlelwaneni esinabo noNkulunkulu. Uma sithi — "Intando yakho mayenziwe," sithola induduzo etholakala NgokukaJohane 17, induduzo yokwazi ukuthi uBaba wethu usebenza ngokokuhlakanipha kwaKhe uqobo. Lapho siqonda lokho uNkulunkulu akufunayo ngeke sibe nezinhliziyo ezincane futhi sigxeke. UJesu akasithandazelanga lutho olungaphansi kobunye obuphelele naYe njengoba Yena ayemunye noBaba. Abanye bethu bakude kakhulu nakho, kodwa uNkulunkulu ngeke asishiye sodwa kuze kube yilapho siba munye naYe, ngoba uJesu uthandazile ukuba sibe njalo.