UMKHUBA WOKUBHEKANA NESIMO
“Ukuze nazi ukuthi liyini ithemba lobizo lwaKhe . . .”
Kwabase-Efesu 1:18
Khumbula ukuthi usindiselweni — ukuze iNdodana kaNkulunkulu ibonakaliswe enyameni yakho efayo. Bhekisa wonke amandla akho ekwenzeni ukukhethwa kwakho njengomntwana kaNkulunkulu kubonakale; bhekana nesimo njalo.
Awukwazi ukwenza lutho ukuze usindiswe, kodwa kumelwe wenze okuthile ukuze ubonakalise insindiso, kumelwe ubonakalise ngaphandle lokho uNkulunkulu akusebenza ngaphakathi. Ingabe uyakubonakalisa ngolimi lwakho, nangengqondo yakho nangezinzwa zakho? Uma usengumuntu ofanayo odabukisayo ocasuka njalo, ozimisele ukwenza ngendlela yakhe, kungamanga-ke ukuthi uNkulunkulu ukusindisile futhi wakungcwelisa.
UNkulunkulu unguMhleli noMbangeli omkhulu, uvumela ubunzima ukuba bufike ukuze abone ukuthi ungakwazi yini ukugxuma phezu kwabo ngokufanele — "NgoNkulunkulu wami ngeqe udonga." UNkulunkulu akasoze akuvikela kunoma yiziphi izimfuneko zokuba yindodana noma indodakazi yaKhe. UPhethro uthi — "Ningacabangi ukuthi kuyinto engavamile ukuhlolwa ngomlilo okuza ukuzonivivinya." Bhekana nesimo; yenza leyo nto. Akunandaba ukuthi kubuhlungu kangakanani uma nje kunika uNkulunkulu ithuba lokuzibonakalisa enyameni yakho efayo.
Sengathi uNkulunkulu angeke aphinde athole ukukhononda kithi, kodwa sengathi angasithola sigcwele isibindi somoya namandla omdlali, silungele ukubhekana nanoma yini ayilethayo. Kumelwe siziqeqeshe ukuze iNdodana kaNkulunkulu ibonakaliswe enyameni yethu efayo. UNkulunkulu akalokothi abe neminyuziyamu. Okuwukuphela kwenhloso yokuphila ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ibonakaliswe, futhi konke ukutshela uNkulunkulu okufanele akwenze kuyanyamalala. INkosi yethu ayikaze itshele uYise okufanele akwenze, nathi asilapha ukuzotshela uNkulunkulu okufanele akwenze; silapha ukuzithoba entandweni yaKhe ukuze asebenze ngathi lokho akufunayo. Lapho sikuqonda lokhu, uyosenza isinkwa esihlephuliwe newayini elithululiwe ukuze sondle futhi sinike abanye amandla.