UMQANSA OPHAKEME KUNAYO YONKE
“Thatha manje indodana yakho . . . uyinikele lapho ibe ngumnikelo wokushiswa kwenye yezintaba engizokutshela ngayo.”
IGenesisi 22:2
Isimilo sinquma indlela umuntu ahumusha ngayo intando kaNkulunkulu (qh. AMahubo 18:25-26). U-Abrahama wahumusha umyalo kaNkulunkulu njengosho ukuthi kumelwe abulale indodana yakhe, wayengashiya le nkolelo yesiko kuphela ngobuhlungu bovivinyo olukhulu kakhulu. Ayikho enye indlela uNkulunkulu ayengaluhlanza ngayo ukholo lwakhe. Uma silalela lokho uNkulunkulu akushoyo ngokuvumelana nenkolelo yethu eqotho, uNkulunkulu uyosihlukanisa nalawo masiko ammelela kabi. Ziningi izinkolelo ezinjalo okumelwe zilahlwe, ngokwesibonelo, ukuthi uNkulunkulu ususa umntwana ngoba unina emthanda kakhulu — amanga kadeveli! nokuhlanekezelwa kwemvelo kaNkulunkulu yangempela. Uma udeveli engasivimbela ukuba sikhuphuke umqansa ophakeme kunayo yonke futhi silahle amasiko angalungile ngoNkulunkulu, uyokwenza; kodwa uma sihlala sithembekile kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyosidlulisa ovivinyweni oluyosikhiphela olwazini olungcono ngaYe uqobo.
Iphuzu elikhulu lokholo luka-Abrahama kuNkulunkulu ukuthi wayekulungele ukwenzela uNkulunkulu noma yini. Wayekhona ukuze alalele uNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi kwakumelwe aphikisane nayiphi inkolelo. U-Abrahama wayengesona isikhonzi sezinkolelo zakhe ngoba ukube wayeyiso, wayeyombulala u-Isaka athi izwi lengelosi liyizwi likadeveli. Leso yisimo sengqondo somuntu oshiseka ngokwedlulele. Uma uhlale uthembekile kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyokuhola udlule ngokuqondile kuzo zonke izithiyo ungene egumbini elingaphakathi lokwazi Yena uqobo; kodwa kuhlale kunaleli phuzu lokudela izinkolelo nemibono yamasiko. Ungaceli uNkulunkulu ukuba akuvivinye. Ungalokothi umemezele njengoba kwenza uPhethro — "Ngiyokwenza noma yini, ngiyokuya ekufeni nawe." U-Abrahama akenzanga isimemezelo esinjalo, wahlala ethembekile kuNkulunkulu, futhi uNkulunkulu waluhlanza ukholo lwakhe.