ISEXWAYISO NGOKUDLALA NGOKUNGENAZITHIBO
“Nokho ningajabuli ngalokhu, ukuthi imimoya iyanithobela.”
NgokukaLuka 10:20
Njengezisebenzi ezingamaKristu, ukuthanda izwe akulona ugibe lwethu, nesono akulona ugibe lwethu, kodwa ukuzitika ngokomoya kuyilo, okungukuthi: ukwamukela isimo nesigxivizo senkathi yenkolo esiphila kuyo, nokuqoma impumelelo engokomoya. Ungalokothi ufune ukuvunyelwa omunye ngaphandle kukaNkulunkulu, phuma "ngaphandle kwekamu, uthwele ihlazo laKhe." UJesu watshela abafundi ukuba bangajabuli ngenkonzo ephumelelayo, kodwa lokhu kubonakala kuyiyona nto iningi lethu elijabula ngayo. Sinombono wokuhweba — imiphefumulo engaka isindisiwe futhi ingcwelisiwe, makabongwe uNkulunkulu, manje konke kulungile. Umsebenzi wethu uqala lapho umusa kaNkulunkulu ubeke khona isisekelo; akuwona umsebenzi wethu ukusindisa imiphefumulo, kodwa ukuyenza ibe ngabafundi. Insindiso nokungcweliswa kungumsebenzi womusa wobukhosi bukaNkulunkulu; umsebenzi wethu njengabafundi baKhe ukuqeqesha abantu babe ngabafundi baze bazinikele ngokuphelele kuNkulunkulu. Ukuphila okukodwa okunikelwe ngokuphelele kuNkulunkulu kubaluleke kakhulu kuNkulunkulu kunezimpilo eziyikhulu ezivuswe nje nguMoya waKhe. Njengezisebenzi zikaNkulunkulu kumelwe siveze abanjengathi ngokomoya, lokho kuyoba ubufakazi bukaNkulunkulu ngathi njengezisebenzi. Ngomusa waKhe uNkulunkulu usiletha ezingeni elithile lokuphila, futhi sithwele umthwalo wemfanelo wokwenza lelo zinga livele nakwabanye.
Ngaphandle kokuba isisebenzi siphile ukuphila okufihlwe noKristu kuNkulunkulu, sivame ukuba ngumbusi ocasulayo esikhundleni sokuba umfundi okuhlala uKristu ngaphakathi kuye. Abaningi bethu bangababusi, silawula abantu nemihlangano. UJesu akalokothi asilawule ngaleyo ndlela. Noma nini lapho iNkosi yethu ikhuluma ngobufundi, yayihlale iqala ngokuthi "UMA," hhayi ngenkulumo ephoqayo ethi — "KUMELWE." Ubufundi buza nokuzikhethela.