UKUKHANYA OKUHLULEKAYO
“Sonke ngobuso obungamboziwe sibuka . . . inkazimulo yeNkosi.”
2 KwabaseKhorinte 3:18
Inceku kaNkulunkulu kumelwe ijwayele ukuma yodwa kangangokuba ingalokothi yazi ukuthi iyodwa. Ezigabeni zokuqala zokuphila kobuKristu kufika ukudikibala, abantu ababekade beyizibani bayacwayiza bacime, nalabo ababekade bemi nathi bayahamba. Kumelwe sikujwayele kangangokuba singalokothi sazi ukuthi simi sodwa. "Bonke abantu bangishiya . . . nokho iNkosi yema nami" (2 KuThimothewu 4:16-17). Kumelwe sakhe ukholo lwethu, hhayi ekukhanyeni okufiphalayo, kodwa ekukhanyeni okungahluleki. Lapho abantu "abakhulu" behamba siyadabuka, size sibone ukuthi kwakuhloselwe ukuba bahambe, okusele kuphela ukuthi thina ngokwethu sibheke ubuso bukaNkulunkulu.
Ungavumeli lutho lukuvimbele ukubheka uNkulunkulu ngokuqinile ebusweni ngokuqondene nawe nangemfundiso yakho futhi njalo lapho ushumayela, qiniseka ukuthi uqala ngokubheka uNkulunkulu ebusweni ngalezo zinto, khona-ke inkazimulo iyohlala kukho konke. Isisebenzi esingumKristu sihlala sibheka uNkulunkulu ebusweni bese siphuma siyokhuluma nabantu. Isici somsebenzi wenkonzo kaKristu yinkazimulo ehlala ikhona kodwa engaziwa yilowo oyiphethe. "UMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhanya ngesikhathi ekhuluma naYe."
Asibizelwa neze ukuba sibukise ngokungabaza kwethu noma siveze injabulo ecashile yokuphila kwethu noNkulunkulu. Imfihlo yokuphila kwesisebenzi ukuthi sihlala sivumelana noNkulunkulu ngaso sonke isikhathi.