AKUKHO YINI UKUNGQONDI OKUTHILE?
“Masiye eJudiya. Abafundi baKhe bathi kuYe . . . Uya khona futhi?”
NgokukaJohane 11:7-8
Kungenzeka ngingakuqondi lokho uJesu Kristu akushoyo, kodwa kuyingozi ukusho ukuthi ngenxa yalokho wayenephutha kulokho akusho. Akulungile neze ukucabanga ukuthi ukulalela kwami izwi likaNkulunkulu kuyoletha ihlazo kuJesu. Okuwukuphela kwento eyoletha ihlazo ukungamlaleli. Ukubeka umbono wami ngenhlonipho yaKhe esikhundleni salokho angiphoqa ngokusobala ukuba ngikwenze akulungile neze, nakuba kungavela esifisweni sangempela sokuvimbela ukuba ahlazeke obala. Ngiyazi lapho isiphakamiso sivela kuNkulunkulu ngenxa yokuphikelela kwaso okuthulile: Lapho kufanele ngilinganise okuhle kanye nokubi, ukungabaza nokuphikisana bese kungena, ngiletha into engeyona ekaNkulunkulu, futhi ngifinyelela esiphethweni sokuthi isiphakamiso besingalungile. Abaningi bethu bathembekile emibonweni yethu ngoJesu Kristu, kodwa bangaki kithi abathembekile kuYe? Ukwethembeka kuJesu kusho ukuthi kumelwe ngiphumele lapho ngingaboni lutho (qhath. NgokukaMathewu 14:29); ukwethembeka emibonweni yami kusho ukuthi ngilungisa indlela kuqala ngokuhlakanipha kwami. Ukholo alukona ukuqonda kwengqondo, ukholo luwukuzinikela ngamabomu kuMuntu lapho ngingaboni ndlela khona.
Ingabe uphikisana ngokuthi uthathe isinyathelo sokholo kuJesu noma ulinde uze ubone ukuthi ungayenza kanjani leyo nto ngokwakho? Mlaleleni ngenjabulo echichimayo engenandaba nezingozi. Lapho esho okuthile bese uqala ukuphikisana, kungenxa yokuthi unombono wenhlonipho yaKhe ongewona umbono waKhe. Ingabe uthembekile kuJesu noma uthembekile emcabangweni wakho ngaYe? Ingabe uthembekile kulokho akushoyo, noma uzama ukuyekethisa ngemibono engakaze ivele kuYe? "Noma yini ayisho kini, kwenzeni."