UMBONO NGOKUHLANZEKA KOMUNTU SIQU
“Babusisiwe abahlanzekile enhliziyweni; ngoba bayobona uNkulunkulu.”
NgokukaMathewu 5:8
Ukuhlanzeka akukhona ukungabi nacala, kungaphezulu kakhulu kwalokho. Ukuhlanzeka kuwumphumela wozwela oluqhubekayo olungokomoya noNkulunkulu. Kumelwe sikhule ekuhlanzekeni. Ukuphila noNkulunkulu kungaba okulungile nokuhlanzeka kwangaphakathi kuhlale kungonakalisiwe, kodwa noma kunjalo ngezikhathi ezithile ukuqhakaza kwangaphandle kungangcoliswa. UNkulunkulu akasivikeli kulokhu okungenzeka, ngoba ngale ndlela siqaphela isidingo sokulondoloza umbono ngokuhlanzeka komuntu siqu. Uma ukuqhakaza komoya kokuphila kwethu noNkulunkulu konakala ngisho kancane kakhulu, kumelwe sishiye konke futhi sikulungise. Khumbula ukuthi umbono uncike esimilweni — abahlanzekile enhliziyweni babona uNkulunkulu.
UNkulunkulu usenza sihlanzeke ngomusa waKhe wobukhosi, kodwa kukhona okufanele sikunakekele, lokhu kuphila komzimba esithintana ngakho nabanye abantu kanye neminye imibono, yikho okuvame ukungcolisa. Akufanele kugcinwe kulungile noNkulunkulu indlu engcwele yangaphakathi kuphela, kodwa namagceke angaphandle kumelwe avumelaniswe ngokuphelele nokuhlanzeka uNkulunkulu asinika kona ngomusa waKhe. Ukuqonda komoya kufiphala ngokushesha nje lapho igceke langaphandle lingcoliswa. Uma sizolondoloza ukuthintana komuntu siqu neNkosi uJesu Kristu, kuyosho ukuthi kunezinto ezithile okufanele sidelele ukuzenza noma ukuzicabanga, nezinto ezithile ezivumelekile okufanele sidelele ukuzithinta.
Indlela engokoqobo yokugcina ukuhlanzeka komuntu siqu kungangcoliswa ebudlelwaneni nabanye abantu ukuzitshela — Lowo muntu wesilisa, lowo muntu wesifazane, uphelele kuKristu Jesu! Lowo mngane, leso sihlobo, uphelele kuKristu Jesu!