UKUNCIPHA UNGENE ENJONGWENI YAKHE
“Yena kumelwe akhule, kodwa mina nginciphe.”
NgokukaJohane 3:30
Uma uba yisidingo emphefumulweni, usuphumile ohlelweni lukaNkulunkulu. Njengesisebenzi, umthwalo wakho omkhulu ukuba umngane woMyeni. Lapho ubona umphefumulo usuqaphela izimfuno zikaJesu Kristu, uyazi ukuthi ithonya lakho beliqonde endaweni efanele, futhi esikhundleni sokwelula isandla uvimbele izinhlungu, thandazela ukuba zikhule ziqine ngokuphindwe kashumi kuze kungabikho mandla emhlabeni noma esihogweni angabamba lowo mphefumulo kude noJesu Kristu. Ngokuphindaphindiwe, siba ngabantu abazibeka esikhundleni sokunakekela kukaNkulunkulu, singene sivimbele uNkulunkulu; bese sithi — "Lokhu nalokhu akumelwe kwenzeke." Esikhundleni sokuzibonakalisa singabangane boMyeni, sibeka uzwela lwethu endleleni, futhi ngelinye ilanga umphefumulo uyothi — "Lowo wayeyisela, wangiphuca uthando lwami olufudumele ngoJesu, futhi ngalahlekelwa umbono wami ngaYe."
Qaphela ukujabula nomphefumulo entweni engalungile, kodwa qiniseka ukuthi ujabula entweni elungile. "Umngane woMyeni . . . ujabula kakhulu ngenxa yezwi loMyeni: ngakho le njabulo yami isigcwalisekile. Yena kumelwe akhule, kodwa mina nginciphe." Lokhu kushiwo ngenjabulo hhayi ngokudabuka — ekugcineni bazombona uMyeni! Futhi uJohane uthi lena injabulo yakhe. Kuwukunyamalala ngokuphelele kwesisebenzi, asiphinde sicatshangelwe.
Qapha ngawo wonke amandla akho uze uzwe izwi loMyeni ekuphileni komunye. Unganaki ukuthi liletha incithakalo engakanani, kungakanani ukuphazamiseka, ukuwohloka okungakanani kwempilo, jabula ngenjabulo yaphezulu lapho izwi laKhe selizwakala. Kaningi ungabona uJesu Kristu echitha ukuphila ngaphambi kokuba akusindise. (Qhath. NgokukaMathewu 10:34.)