Ukuzindla kwansuku zonke

UKULALELA

Niyizinceku zalowo enimlalelayo.

KwabaseRoma 6:16

Into yokuqala okufanele ngiyenze lapho ngihlola amandla angibusayo ukubhekana neqiniso elingamukeleki lokuthi yimi onecala lokubuswa kanjalo. Uma ngiyisigqila sobumina bami, yimi onecala ngoba esikhathini esikude esidlule ngazinikela kimi. Ngokufanayo, uma ngilalela uNkulunkulu ngikwenza ngoba ngizinikele kuYe.

Uma uvumela ubugovu ebuntwaneni, uyobuthola buwubushiqela obubopha kakhulu emhlabeni. Awekho amandla emphefumulweni womuntu ngokwawo angagqashula ubugqila besimo esibusayo sangaphakathi esakhiwe ngokuvuma. Vumela noma yini efana nenkanuko umzuzwana owodwa (khumbula ukuthi iyini inkanuko: "Kumelwe ngikuthole khona manje," kungakhathaliseki ukuthi inkanuko yenyama noma inkanuko yengqondo) — uma nje usuvumile futhi noma ungazizonda ngokuvuma, usuyisigqila sempilo yonke saleyo nto. Akukho nhlobo ukukhululwa emandleni omuntu kodwa kusekuHlengweni kuphela. Kumelwe uzinikele ngokuthobeka okuphelele kuLowo kuphela ongagqashula amandla abusayo, oyiNkosi uJesu Kristu — "Ungigcobile . . . ukuba ngishumayele ukukhululwa kubo bonke abathunjwa."

Lokhu ukuthola ngezindlela ezincane ezihlekisa kakhulu — "Hhawu, ngingawuyeka lowo mkhuba noma nini lapho ngithanda." Awukwazi, uyothola ukuthi lowo mkhuba ukubusa ngokuphelele ngoba wazinikela kuwo ngokuzithandela. Kulula ukucula — "Uyogqashula zonke izibopho" ngesikhathi esifanayo ube uphila ukuphila kobugqila obusobala kuwe uqobo. Ukuzinikela kuJesu kuyogqashula zonke izinhlobo zobugqila kunoma yikuphi ukuphila komuntu.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa