Ukuzindla kwansuku zonke

PHAKATHI KWENQWABA YEZINTO EZINGELUSIZO

. . . ekubekezeleni okukhulu, ezinhluphekweni, ezidingweni, ekucindezelekeni.

2 KwabaseKhorinte 6:4

Kudinga umusa kaSomandla ukuthatha isinyathelo esilandelayo lapho kungekho mbono futhi kungekho mbukeli — isinyathelo esilandelayo ekuzinikeleni, isinyathelo esilandelayo esifundweni sakho, ekufundeni kwakho, ekhishini lakho; isinyathelo esilandelayo esibophweni sakho, lapho kungekho mbono ovela kuNkulunkulu, kungekho mdlandla futhi kungekho mbukeli. Ukuthatha leso sinyathelo kudinga umusa kaNkulunkulu omkhulu kakhulu, nokuncika kuNkulunkulu ngokuqaphela okukhulu kakhulu, kunokushumayela iVangeli.

Wonke umKristu kufanele ahlanganyele kulokho okwakuyingqikithi yokuba ngumuntu kukaKristu, kufanele akwehlisele ezintweni ezingokoqobo zenyama negazi futhi akubonakalise kuze kufinyelele eminweni yakhe. Siyadikibala lapho kungekho mbono, kungekho kuphakanyiswa, kodwa kukhona kuphela umzuliswano ovamile, umsebenzi ongelutho. Into ebalulekile ekugcineni kuNkulunkulu nakubantu umsebenzi oqhubekayo wokuphikelela endaweni engabonwayo, futhi okuwukuphela kwendlela yokugcina ukuphila kungachotshozwa ukuphila ubheke kuNkulunkulu. Cela uNkulunkulu agcine amehlo omoya wakho evulekele uKristu Ovukile, khona umsebenzi okhandlayo oyisidina ngeke ukwazi ukukudikibalisa. Qhubeka ushiya ubuncane nobuze bengqondo nomcabango ungene esahlukweni seshumi nantathu seVangeli likaJohane oNgcwele.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa