Ukuzindla kwansuku zonke

UKUZIMISELA UKUKHONZA

INdodana yoMuntu ayizelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza.

NgokukaMathewu 20:28

Umqondo kaPawulu wenkonzo uyafana noweNkosi yethu: "Ngiphakathi kwenu njengalowo okhonzayo;" "thina siyizinceku zenu ngob' uJesu." Sinomqondo wokuthi umuntu obizelwe emsebenzini wenkonzo ubizelwa ukuba uhlobo lomuntu oluhlukile kwabanye abantu. NgokukaJesu Kristu, ubizelwa ukuba "umata womnyango" wabanye abantu; umholi wabo womoya, kodwa hhayi nanini umphathi wabo. "Ngiyakwazi ukuthotshiswa," kusho uPawulu. Lona umqondo kaPawulu wenkonzo — "Ngiyozichitha kuze kuphele konke ngenxa yenu; ningangidumisa noma ningisole, ngeke kube nomehluko." Uma nje kukhona umuntu ongamazi uJesu Kristu, ngimkweleta ukumkhonza aze amazi. Umsuka wenkonzo kaPawulu akulona uthando lwabantu, kodwa uthando ngoJesu Kristu. Uma sizinikele enjongweni yesintu, sizochotshozwa masinyane futhi izinhliziyo zethu ziphuke, ngoba sizovame ukuhlangana nokungabongi okukhulu okuvela kubantu kunalokho esingakuthola enjeni; kodwa uma isisusa sethu siwuthando kuNkulunkulu, akukho ukungabongi okungasivimbela ukukhonza abantu esiphila nabo.

Ukuqaphela kukaPawulu indlela uJesu Kristu ayemphathe ngayo kuyimfihlo yokuzimisela kwakhe ukukhonza abanye. "Ngaphambili ngangiyisifungi samanga, umhlambalazi, nomuntu olimazayo" — kungakhathaliseki ukuthi abantu bangangiphatha kanjani, abasoze bangiphatha ngonya nenzondo engamphatha ngayo uJesu Kristu. Lapho siqaphela ukuthi uJesu Kristu usikhonze kwaze kwaba sekugcineni kobuphansi bethu, ubugovu bethu, nesono, akukho esihlangana nakho kwabanye okungaqeda ukuzimisela kwethu ukukhonza abantu ngenxa yaKhe.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa