INGABE WAKE WATHATHEKA NGENXA YAKHE?
“Wenze umsebenzi omuhle kiMi.”
NgokukaMakhu 14:6
Uma uthando lobuntu lungamthwali umuntu lumbeke ngale kwakhe, alulona uthando. Uma uthando luhlale luqaphile, luhlale luhlakaniphile, luhlale lunengqondo futhi lubala, lungalokothi ludlule lona uqobo, alulona nhlobo uthando. Lungase lube uthando olufudumele, lungase lube ukufudumala kwemizwa, kodwa alunayo imvelo yangempela yothando.
Ingabe ngake ngathatheka ngenza okuthile ngenxa kaNkulunkulu hhayi ngoba kwakuyisibopho sami, noma ngoba kwakuwusizo, noma ngoba kwakukhona okunye kukho ngaphandle kweqiniso lokuthi ngiyamthanda? Ingabe ngake ngaqaphela ukuthi ngingalethela uNkulunkulu izinto eziyigugu kuYe, noma ngihlala ngiphupha ngobukhulu bokuhlengwa kwaKhe kuyilapho kunezinto eziningi engingazenza? Hhayi izinto zobuNkulunkulu, ezinkulukazi ezingabhalwa njengezimangalisayo, kodwa izinto ezijwayelekile, ezilula zobuntu ezizonikeza uNkulunkulu ubufakazi bokuthi ngizinikele ngokuphelele kuYe? Ingabe ngake ngaveza enhliziyweni yeNkosi uJesu lokho uMariya waseBethaniya akwenza?
Kunezikhathi lapho kubonakala sengathi uNkulunkulu ubhekile ukubona ukuthi siyomnika yini izimpawu zokuzinikela ngokuphelele ezibonisa ukuthi simthanda ngobuqotho kangakanani. Ukuzinikela ngokuphelele kuNkulunkulu kuyigugu kakhulu kunobungcwele bomuntu siqu. Ubungcwele bomuntu siqu bugxilisa amehlo ebumhlophe bethu; sikhathazeka kakhulu ngendlela esihamba nesikhuluma nesibukeka ngayo, sesaba ukuthi singamcasula. Uthando oluphelele lukhipha konke lokho lapho sesizinikele ngokuphelele kuNkulunkulu. Kumelwe siwususe lo mqondo — "Ingabe ngiwusizo?" futhi sinqume ukuthi asinalusizo, futhi singase sibe seduze neqiniso. Akukaze kube indaba yokuba usizo, kodwa ukuba yigugu kuNkulunkulu uqobo. Lapho sizinikele ngokuphelele kuNkulunkulu, usebenza ngathi sonke isikhathi.