UKUZINIKELA EKULALELENI
“Khuluma; ngoba inceku yaKho iyezwa.”
1 USamuweli 3:10
Ngenxa yokuthi ngayilalela ngempela into eyodwa evela kuNkulunkulu, akusho ukuthi ngiyolalela konke akushoyo. Indlela engibonisa ngayo uNkulunkulu ukuthi angimthandi futhi angimhloniphi iwubuthuntu benhliziyo nengqondo yami kulokho akushoyo. Uma ngithanda umngane wami, ngivele ngizwe lokho akufunayo, futhi uJesu uthi, "Ningabangane baMi." Ingabe angilalelanga umyalo othile weNkosi yami kuleli sonto? Ukube ngaqaphela ukuthi wawungumyalo kaJesu, ngangingeke ngingawulaleli ngamabomu; kodwa iningi lethu alihloniphi uNkulunkulu kangangokuthi asikuzwa ngisho nalokho akushoyo, kungaba sengathi akakaze akhulume.
Isiphetho sokuphila kwami komoya ukuhlotshaniswa noJesu Kristu kangangokuthi ngihlale ngimuzwa uNkulunkulu, futhi ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uhlala engizwa (NgokukaJohane 11:41). Uma ngibunye noJesu Kristu, ngimuzwa uNkulunkulu, ngokuzinikela ekulaleleni sonke isikhathi. Umnduze, noma isihlahla, noma inceku kaNkulunkulu, kungadlulisela umlayezo kaNkulunkulu kimi. Okungivimbela ukuzwa ukuthi ngimatasa ngezinye izinto. Akukhona ukuthi angifuni ukumuzwa uNkulunkulu, kodwa angizinikelanga endaweni efanele. Ngizinikele ezintweni, enkonzweni, ezinkolelweni, futhi uNkulunkulu angasho akuthandayo kodwa angimuzwa. Isimo sengane sihlale sithi, "Khuluma, Nkosi, ngoba inceku yaKho iyezwa." Uma ngingakuhlakulelanga lokhu kuzinikela ekulaleleni, ngingalizwa izwi likaNkulunkulu ngezikhathi ezithile kuphela; ngezinye izikhathi ngimatasa ngezinto — izinto engithi kumelwe ngizenze, futhi ngiba yisithulu kuYe, angiphili ukuphila kwengane. Ingabe ngilizwile izwi likaNkulunkulu namuhla?