Ukuzindla kwansuku zonke

INGABE UKHATHELE NGOKOMOYA?

UNkulunkulu ongunaphakade . . . akapheli amandla, futhi akakhathali.

U-Izaya 40:28

Ukukhathala ngokuphelele kusho ukuthi amandla okuphila asephele nya. Ukukhathala komoya akuveli ngesono kodwa ngenkonzo kuphela, futhi ukuthi ukhathele noma cha kuncike lapho uthola khona okudingayo. UJesu wathi kuPetru — "Yondla izimvu zaMi," kodwa akamnikanga lutho ayezondla ngalo. Inqubo yokwenziwa isinkwa esihlephukile newayini elithululiwe isho ukuthi kumelwe ube ukudla kweminye imiphefumulo kuze kube yilapho ifunda ukuzondla ngoNkulunkulu. Kumelwe bakumunce kuze kuphele konke. Qaphela ukuthi uthola okudingayo, kungenjalo maduzane uyophelelwa amandla ngokuphelele. Ngaphambi kokuba eminye imiphefumulo ifunde ukuzitholela ngokuqondile ekuphileni kweNkosi uJesu, kumelwe ikuthole ngawe; kufanele ngokwezwi nezwi "umuncwe," kuze kube yilapho ifunda ukuthola ukudla kwayo kuNkulunkulu. Sikweleta uNkulunkulu ukuba sibe konke okusemandleni ethu ngenxa yamawundlu aKhe nezimvu zaKhe kanye nangenxa yaKhe uqobo.

Ingabe indlela obukhonza ngayo uNkulunkulu ikukhohlisele ekukhathaleni ngokuphelele? Uma kunjalo, vuselela uthando lwakho olufudumele. Inkonzo yakho yaqala kuphi? Ekuzweleni kwakho noma esisekelweni sokuhlengwa kukaJesu Kristu? Qhubeka ubuyela esisekelweni sothando lwakho olufudumele futhi ukhumbule ukuthi ukuphi umthombo wamandla. Awunalo ilungelo lokuthi — "O Nkosi, sengikhathele kakhulu." Wakusindisa futhi wakungcwelisa ukuze akusebenzise uze uphelelwe amandla. Phelelwa amandla ngenxa kaNkulunkulu, kodwa khumbula ukuthi okudingayo kuvela kuYe. "Yonke imithombo yami emisha iyoba kuWe."

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa