PHINDA UBHEKE FUTHI UZINIKELE KUNKULUNKULU
“Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle . . . akayikunembathisa kakhulu yini nina?”
NgokukaMathewu 6:30
Inkulumo kaJesu elula ihlale iyindida kithi uma singelula. Siyoba lula kanjani ngobulula bukaJesu?
Ngokwamukela uMoya waKhe, simqaphele futhi sincike kuYe, simlalele lapho eletha izwi likaNkulunkulu, ukuphila kuyoba lula ngendlela emangalisayo. "Cabangani," kusho uJesu, "ukuthi kakhulu kangakanani uYihlo owembathisa utshani basendle ayonembathisa nina, uma nigcina ubudlelwane benu buhle naYe." Njalo lapho sihlehla enhlanganyelweni yomoya kuba ngenxa yokuthi ngokwedelela sicabange ukuthi sazi kangcono kunoJesu Kristu. Sivumele izinkathazo zomhlaba zingene, futhi sikhohlwe ukuthi uBaba wethu waseZulwini uyokwenza "kakhulu kangakanani".
"Bhekani izinyoni zezulu" — inhloso yazo enkulu ukulalela isimiso sokuphila esikuzo futhi uNkulunkulu uyazinakekela. UJesu uthi uma uhlobene kahle naYe futhi ulalela uMoya waKhe okuwe, uNkulunkulu uyonakekela 'izimpaphe zakho.'
"Cabangani ngeminduze yasendle" — ikhula lapho ibekwe khona. Abaningi kithi bayenqaba ukukhula lapho sibekwe khona, ngenxa yalokho asimili ndawo. UJesu uthi uma silalela ukuphila uNkulunkulu asinike khona, uyonakekela zonke ezinye izinto. Ingabe uJesu Kristu usitshele amanga? Uma singakutholi lokhu "okukhulu kakhulu," kungenxa yokuthi asikulaleli ukuphila uNkulunkulu asinike khona, simatasa ngokucatshangelwa okudidayo. Singakanani isikhathi esisichithe sikhathaza uNkulunkulu ngemibuzo lapho kufanele ngabe sikhululeke ngokuphelele ukugxila emsebenzini waKhe? Ukuzinikela kuNkulunkulu kusho ukuqhubeka ngizihlukanisela into eyodwa ethile. Asikwazi ukuzinikela kuNkulunkulu kanye kuphela bese kuphelile. Ingabe ngiqhubeka ngizihlukanisela ukucabanga ngoNkulunkulu zonke izinsuku zokuphila kwami?