INGABE UQABULEKELE KONKE?
“Ngaphandle kokuba umuntu azalwe kabusha, akanakuwubona umbuso kaNkulunkulu.”
NgokukaJohane 3:3
Ngezinye izikhathi siba nomdlandla ngomhlangano womthandazo kodwa singabi nawo lapho kufanele sihlanze amabhuzu!
Ukuzalwa kabusha ngoMoya kuwumsebenzi kaNkulunkulu ongenakuphikiswa, oyimfihlakalo njengomoya, omangazayo njengoNkulunkulu uqobo. Asazi ukuthi kuqala kuphi, kufihlwe ekujuleni kokuphila kwethu siqu. Ukuzalwa kabusha okuvela phezulu kuyisiqalo esihlala sivuseleleka, esiqhubekayo nesaphakade; kuwukuqabuleka njalo ekucabangeni nasekukhulumeni nasekuphileni, ukumangala okungapheli kokuphila kukaNkulunkulu. Ukuphelelwa ukuqabuleka kuwuphawu lokuthi kukhona okungahambi kahle ebudlelwaneni bethu noNkulunkulu — "Kumelwe ngenze le nto noma ayisoze yenziwa." Yilolo uphawu lokuqala lokuphelelwa ukuqabuleka. Ingabe sisanda kuzalwa ngalo mzuzu noma sesiphelelwe ukuqabuleka, sibhuqa izingqondo zethu sifuna esingakwenza? Ukuqabuleka akuveli ekulaleleni kodwa kuMoya oNgcwele; ukulalela kusigcina ekukhanyeni njengoba uNkulunkulu esekukhanyeni.
Qapha ngobukhwele ubudlelwane bakho noNkulunkulu. UJesu wathandaza "ukuba babe munye, njengoba nathi simunye" — kungabikho lutho phakathi. Gcina konke ukuphila kuvulekele uJesu Kristu njalo, ungazenzisi kuYe. Ingabe uthola ukuphila kwakho kunoma yimuphi omunye umthombo ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo? Uma uncike kunoma yini ngaphandle kwaKhe, awusoze wazi lapho esehambile.
Ukuzalwa ngoMoya kusho okukhulu kakhulu kunalokho esivame ukucabanga ukuthi kusho khona. Kusinika umbono omusha futhi kusigcina siqabuluke ngokuphelele kukho konke ngokunikezwa okungapheli kokuphila kukaNkulunkulu.