YINKOSI!
“UThomase waphendula wathi kuYe, Nkosi yami noNkulunkulu wami.”
NgokukaJohane 20:28
"Ngiphuzise." Bangaki kithi abagxile ekutheni uJesu Kristu aqede ukoma kwethu kuyilapho kufanele kube yithi esimenelisayo? Manje kufanele sizithulule, sizinikele kuze kufike emkhawulweni wokugcina, singanciki kuYe ukuba asenelise. "Niyakuba ngofakazi baMi" — lokho kusho ukuphila kokuzinikela okungangcolisiwe, okungayekethisi nokungafumbathisiwe eNkosini uJesu, ukuphila okumenelisayo nomaphi lapho esibeka khona.
Qaphela noma yini encintisana nokwethembeka kuJesu Kristu. Imbangi enkulu kunazo zonke yokuzinikela kuJesu yinkonzo yaKhe. Kulula ukukhonza kunokuba siphuzwe siphele nya. Inhloso eyodwa yobizo lukaNkulunkulu ukwanelisa uNkulunkulu, akulona ubizo lokumenzela okuthile. Asithunyelwa ukuyolwela uNkulunkulu, kodwa ukuba uNkulunkulu asisebenzise ezimpini zaKhe. Ingabe sizinikele kakhulu enkonzweni kunakuJesu Kristu?