Ukuzindla kwansuku zonke

INGABE UMHLATSHELO WAMI UYAPHILA?

U-Abrahama wakha i-altare . . . futhi wabopha u-Isaka indodana yakhe.

IGenesisi 22:9

Lesi sigameko singumfanekiso wephutha esilenzayo ngokucabanga ukuthi into yokugcina uNkulunkulu ayifuna kithi iwumhlatshelo wokufa. Lokho uNkulunkulu akufunayo kuwumhlatshelo odlula ekufeni osenza sikwazi ukwenza lokho uJesu akwenza, okungukuthi, ukunikela ngokuphila kwethu. Hhayi — Ngiyavuma ukuya ekufeni kanye naWe, kodwa — Ngiyavuma ukuhlotshaniswa nokufa kwaKho ukuze nginikele ngokuphila kwami kuNkulunkulu. Kubonakala sengathi sicabanga ukuthi uNkulunkulu ufuna silahle izinto! UNkulunkulu wahlanza u-Abrahama kuleli phutha, futhi isiyalo esifanayo siyaqhubeka ekuphileni kwethu. Akukho lapho uNkulunkulu esitshela khona ukuba silahle izinto ngenxa nje yokuzilahla. Usitshela ukuba sizilahle ngenxa yento eyodwa kuphela efanele ukuba nayo — okungukuthi, ukuphila naYe. Kuyindaba yokuxegisa izibopho ezivimbela ukuphila, futhi ngokushesha lapho lezo zibopho sezixegisiwe ngokuhlotshaniswa nokufa kukaJesu, singena ebudlelwaneni noNkulunkulu lapho singanikela khona ngokuphila kwethu kuYe.

Akusizi ngalutho kuNkulunkulu ukumnika ukuphila kwakho ukuba kufe. Ufuna ube "umhlatshelo ophilayo," ukuze umnike wonke amandla akho asindisiwe futhi angcwelisiwe ngoJesu. Yilokhu okwamukelekayo kuNkulunkulu.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa