KUNGANI NGINGENAKUKULANDELA MANJE?
“UPetru wathi kuYe, Nkosi, kungani ngingenakukulandela manje?”
NgokukaJohane 13:37
Kunezikhathi lapho ungase ungaqondi ukuthi kungani ungenakwenza lokho ofuna ukukwenza. Lapho uNkulunkulu eletha indawo engenalutho, qiniseka ukuthi awuyigcwalisi, kodwa linda. Indawo engenalutho ingase ifike ukuze ikufundise ukuthi ukungcweliswa kusho ukuthini, noma ingase ifike ngemva kokungcweliswa ukuze ikufundise ukuthi inkonzo isho ukuthini. Ungalokothi ugijime ngaphambi kokuhola kukaNkulunkulu. Uma kukhona ngisho nokungabaza okuncane kakhulu, khona-ke akaholi. Noma nini lapho kunokungabaza — ungenzi.
Ekuqaleni ungase ubone ngokucacile ukuthi iyini intando kaNkulunkulu — ukunqamuka kobungane, ukunqamula ubudlelwane bebhizinisi, into ozwa ngokucacile phambi kukaNkulunkulu ukuthi iyintando yaKhe ukuba uyenze, ungalokothi uyenze ngenxa yomfutho walowo muzwa. Uma wenza kanjalo, uzogcina udala ubunzima obuyothatha iminyaka ukuba bulungiswe. Linda isikhathi sikaNkulunkulu sokuyiletha futhi uyokwenza ngaphandle kobuhlungu benhliziyo noma ukudumazeka. Lapho kuyindaba yentando kaNkulunkulu yokunakekela, linda uNkulunkulu anyakaze.
UPetru akazange alinde uNkulunkulu, wabikezela engqondweni yakhe ukuthi uvivinyo lwaluyofika kuphi, futhi uvivinyo lwafika lapho ayengalulindele khona. "Ngiyobeka phansi ukuphila kwami ngenxa yaKho." Isimemezelo sikaPetru sasiqotho kodwa singenalwazi. "UJesu wamphendula ...Iqhude aliyikukhala, ungakangiphiki kathathu." Lokhu kwashiwo ngolwazi olujule kakhulu ngoPetru kunalolo uPetru ayenalo ngaye. Wayengenakumlandela uJesu ngoba wayengazazi yena, ukuthi yini ayekwazi ukuyenza. Ukuzinikela kwemvelo kungaba kuhle kakhulu ekusidonseleni kuJesu, ekusenzeni sizwe amandla okusiheha kwaKhe, kodwa akusoze kwasenza abafundi. Ukuzinikela kwemvelo kuyohlala kumphika uJesu endaweni ethile noma kwenye.